8.17.2007

kunzima emhlabeni

empeleni, isihloko salombhalo asixhumani nesizathu sokuthi ngibhale lesis'qeshana. sekunesikhathi nokho ngagcina ukubhala indatshana ngolimi lwasekhaya, uma ngikhumbula kahle, sekuphele iminyaka cishe emihlanu yonke, kanti futhi kuyabonakala ukuthi ngisho noma ngisakwazi ukuhlanganisa umusho ophelele ngolwasekhaya, uhlanganiseka ngobukhulu ubunzima. engabe iyozala nkomoni ezizukulwaneni eziyolandela thina uma sekuza emkhakheni wezamasiko nobuntu? ngike ngezwa abanye abafokazi bedingida lona loludaba lwamasiko nezilimi, besho bethi nabo abacabangi ukuthi emuva kweminyaka engamashumi amabili kusukela manje, izilimi zethu ziyobe zisamsulwa kuhle kwasemandulo.

ngale kwalokho, kubalulekile bakwethu ukuthi sizame ngazo zonke izindlela ukungakhohlwa imvelaphi yethu ngoba phela yithi thina sizukulwane samanje esinomthelela owedlulele ekutheni izizukulwane eziyosilandela zibe nolwazi kanye nentshisakalo yokwazi kabanzi ngemvelaphi yabo.

okwamanje, ngiyema lapha.

-S.

2 comments:

Toto said...

I must say that took me longer to read that it would have taken me to read an english post. Well done Bra, I am impressed that you can still write the whole post in Zulu, Wow!!!!
Keep real.

Anonymous said...

Nam Toto, kubenzima ukufunda lento abhale ngayo u Ciia, ndide ndacinga ukuyeka phakathi kodwa ngenxa yento ayithethileyo yokuba silibala imvela phi yethu, ndadliwa sisazela, ndaqonda ukuba mandiqhubekeke ndifunde nam mandihlomle.

Kodwa Ciia, ucinga ukuba bangaphi abantu abazakuva kwa baqhele ukufunda izinto ozibhalileyo?